Siyakwamukela enkampanini yaseNingizimu Afrika yezokuhumusha eqondene nemikhakha yezobuchwepheshe obunhlobonhlobo. Sizibophezele ekuhumusheni imibhalo eqondene nezamabhizinisi, nezomthetho kanye nezokwelapha ifundeke sengathi beyivele ibhalwe ngezilimi zaseNingizimu Afrika eziyi-11: isiZulu, isiXhosa, Afrikaans, Sesotho sa Leboa (Sepedi), Setswana, Sesotho, Xitsonga, Siswati, Tshivenḓa kanye nesiNdebele. Sihlinzeka nangemisebenzi yokuhumushela ezilimini zabalingani abakhulu beNingizimu Afrika kwezohwebo ezinjenge-Portuguese, Kiswahili kanye ne-Chinese Mandarin. Sinesiqiniseko sokuthi yonke imisebenzi yethu yokuhumusha iyahambisana nemigomo yamazwe ngamazwe yezokuhumusha okuqondene nemikhakha yezobuchwepheshe.
Bheka izingaqophelo lemisebenzi yethu ehumushiwe. Amakhasi ahumushiwe aqukethe okufana ncamashi nokusekhasini lesiNgisi. Imisebenzi yethu ehumushiwe iyatholakala futhi ayinawo amaphutha okubhalwa kwamagama.
This browser does not support the video element.
Siqasha abahumushi abawongoti kuphela. Uma kuhumushwa umbhalo wezomthetho, sisebenzisana nomhumushi oneziqu futhi owaluncela ebeleni ulimi asebenza ngalo. Asimuqashi umuntu oneziqu zemfundo ezingatholakalanga enyuvesi eqinisekisiwe yaseNingizimu Afrika. Phezu kwalokho, bonke abahumushi bethu banesipiliyoni esinzulu seminyaka engengaphansi kweyi-10. Uma udinga ukuthi sikuhlinzeke ngama-CV neziqu zabahumushi bethu singakunika, futhi siyowasayina nama-SLA aqinisekisa izingaqophelo labahumushi bethu.
Imibhalo yakho ehumushiwe idluliswa kuzo zonke izigaba zokuhlela umsebenzi njengoba wenza nawe embhalweni wesiNgisi. Sisebenzisa amakhompyutha ukuqinisekisa ukuthi imibhalo yakho ayinawo amaphutha okubhalwa kwamagama, isebenzisa ulimi oluvumelekile futhi ihunyushwa ngendlela ehambisanayo. Singakujabulela ukukukhombisa.
Ibhizinisi eligculisayo lithembela kulokho okungaqinisekiswa. Isisekelo saleli bhizinisi wukwanelisa izidingo zamaklayenti ethu njalo. Asisoze sazibophezela esikhathini esiwumnqamula-juqu umhumushi wethu angeke akwazi ukusifeza.
Sithumelele umbhalo wakho, usho isikhathi esiwumnqamula-juqu osinqumile kanye nezilimi zakho. Isikhathi sokuphundula isicelo sesilinganisomali sakho asizukudlula emizuzwini emihlanu ngezikhathi zomsebenzi.
Province (%) | SA% | GP | KZN | WC | EC | MP | LP | FS | NC | NW |
IsiZulu | 23% | 20 | 78 | 1 | 24 | 1 | 4 | 1 | 3 | |
IsiXhosa | 16% | 7 | 3 | 25 | 79 | 1 | 8 | 5 | 6 | |
Afrikaans | 14% | 12 | 2 | 50 | 11 | 7 | 3 | 13 | 54 | 9 |
English | 10% | 13 | 13 | 20 | 6 | 3 | 2 | 3 | 3 | 4 |
Sepedi | 9% | 11 | 9 | 53 | 2 | |||||
Setswana | 8% | 9 | 1 | 2 | 2 | 5 | 33 | 63 | ||
Sesotho | 8% | 12 | 1 | 1 | 3 | 4 | 2 | 64 | 1 | 6 |
Xitsonga | 5% | 7 | 10 | 17 | 4 | |||||
Siswati | 3% | 1 | 28 | 1 | ||||||
Tshivenḓa | 2% | 2 | 17 | 1 | ||||||
IsiNdebele | 2% | 3 | 1 | 10 | 2 | 1 | 1 |
Data Statistics South Africa: Census in brief (2011).PDF
Ulwazi olubanzi, olubandakanya ukwahlukahlukana ngokwezilimi, lwabo bonke omasipala abakhulu kanye namadolobha aseNingizimu Afrika lungatholakala lapha: Cape Town, Johannesburg, Tshwane, Ethekwini, Ekurhuleni, Nelson Mandela Bay, Buffalo City, Mangaung, Emfuleni, Polokwane, Msunduzi, Thulamela, Rustenburg, Bushbuckridge, Makhado, King Sabata Dalindyebo kanye neMatjhabeng.