Imisebenzi Yokuhumusha Yezilimi ZaseNingizimu Afrika

Inkampani yongoti bezokuhumusha nokuhumushela ezilimini ezisemthethweni zakuleli. Imisebenzi yethu ibandakanya ukuhumusha izincwadi, amafomu ezimvume ezisekelwe wulwazi, amaphephandaba angaphakathi ezikhungweni, kanye namawebhusayithi. Yonke imibhalo ibhalwa ngendlela ecacile nencike endleleni yokukhuluma evamile nesemthethweni, ilungele ukuphrintwa noma iwebhu, futhi ilungele abafundi abahlukahlukene eNingizimu Afrika yonke.

Imisebenzi Yokuhumusha yowezi-2025

Siyakwamukela e-iiTranslation. Sizinikele ekuhumusheni imibhalo yezemfundo, yezomthetho , yezezimali neyezempilo kanye neminye imibhalo enhlobonhlobo ngendlela eyiyonayona. Imisebenzi yethu ihunyushwa kube sengathi beyivele ibhalwe ngezilimi zaseNingizimu Afrika ezisemthethweni: isiZulu, isiXhosa, isiBhunu, isiPedi, isiTswana, isiSuthu, isiTsonga, isiSwati, isiVenḓa nesiNdebele. Kuyaqinisekiswa ukuthi yonke imibhalo ehunyushiwe ihambisana nemigomo yezokuhumusha yamazwe ngamazwe.

Bheka izingaqophelo lemisebenzi yethu ehunyushiwe! Ukubona umsebenzi wongoti bethu bezilimi eziyisishiyagalolunye kweziyishumi, cofa inkinobho enophawu lokuhumusha ephezulu ngakwesokudla bese uthokozele ukufunda.

Njengoba yonke imibhalo yethu ihunyushwe abahumushi abanesipiliyoni, abancele izilimi zakuleli ebeleni futhi bezifundele, kuzoba lula ukusebenzisa nokuthola ulwazi lwezokuhumusha kuwebhusayithi yethu. Uzobona nokuthi umbhalo ohunyushiwe awunawo amaphutha esipelingi noma ohlelo lolimi futhi ukuqukethe konke okubhalwe embhalweni oyisisekelo.

Izilimi ezivame ukukhulunywa edolobheni langakini zizohlukana ngokwesifundazwe ohlala kuso. Isibonelo, isiZulu sivame ukukhulunywa KwaZulu-Natali, eGauteng, naseMpumalanga, kube isiXhosa nesiBhunu zivame ukukhulunywa eNtshonalanga Kapa.

Esigabe ngakho emaklayentini ethu

  • Njengoba iningi lezinkampani ezenza imisebenzi yokuhumusha zihlinzekela zonke izilimi ezinkulu emhlabeni, thina sigxile ezilimini zaseNingizimu Afrika kuphela.
  • Iningi labahlinzeki bemisebenzi lisebenzisa ubuchwepheshe kanye nezinhlelo zokuhumusha ezisebenzisa ulwazi olulondoloziwe ukuze kuncishiswe isibalo samagama ahunyushwayo, kepha obethu ubuchwepheshe benza into eyodwa: buhlinzeka ngomsebenzi odingeka kakhulu wokuhlola nokusekela ulimi ukuze kuthuthukiswe umsebenzi osuvele wenziwe abahumushi abangabantu futhi abawongoti, ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi wakho ohunyushiwe uyahambisana nekhophi yesiNgisi.
  • Sihumushela kuzo zonke izilimi zaseNingizimu Afrika, futhi aseqiwa yiminqamula-juqu yokuthumela umsebenzi emaklayentini ethu.

Izingaqophelo: Imisebenzi Yongoti Abaqinisekisiwe Ongathembela Kubo

Lapho kuhunyushwa imibhalo eqondene nemikhakha ethile, sisebenzisa abahumushi abaqeqeshelwe ukuhumusha, abancela ulimi ebeleni futhi abanesipiliyoni esifanele kulowo mkhakha. Abahumushi bethu kudingeka ukuthi babe neziqu zemfundo zasenyuvesi yaseNingizimu Afrika egunyaziwe. Phezu kwalokho, bonke abahumushi bethu sebesebenze njengabahumushi iminyaka engengaphansi kweyishumi. Njengomhlinzeki wemisebenzi yokuhumusha, siyahlinzeka ngezitifiketi eziqinisekisa iziqu kanye nesipiliyoni sabahumushi bethu uma iklayenti lisicelile.

Translator quality

Ukuhlola Isipelingi nge-MS Word

Imibhalo yakho ehunyushiwe ihlolwa isipelingi namaphutha okuhumusha angase abe khona ngendlela efanayo neyekhophi yesiNgisi—okungenziwa yiningi labahlinzeki bemisebenzi. Sisebenzisa uhlelo lokuhlola isipelingi olwakhelwe ngaphakathi ku-MS Word ukuqinisekisa ukuthi awekho amaphutha esipelingi emsebenzini ohunyushiwe. Izichazamazwi zethu zokuhlola amaphutha zakhelwe ulimi lwesimanje, futhi sizigqaja ngokuhlinzeka ngemisebenzi ehunyushiwe ekuqukethe konke okusembhalweni oyisisekelo. Uma ufisa ukuzibonela lokho, singakukhombisa kunoma iluphi ulimi lwaseNingizimu Afrika.

Spelling

Iminqamula-juqu

Siyaqonda ukuthi ukuhlinzeka ngemisebenzi ngesikhathi kubiza ukuqinisekisa ukuthi imisebenzi yethu ehunyushiwe ifinyelela emathimbeni ethu ngawo noma ngaphambi komnqamula-juqu. Ibhizinisi lethu silakhele phezu kokufeza izidingo zamaklayenti ethu ngazo zonke izinkathi futhi asisoze sazibophelela osukwini oluwumnqamula-juqu abahumushi bethu engeke bakwazi ukulugcina.

Deadlines

Amakhotheshini

Indlela elula kakhulu yokuthola ikhotheshini wukusithumelela umbikombani onombhalo wakho ku- info@iitranslation.com Copy to Clipboard ubhale izilimi odinga ukuhunyushelelwa kuzo kanye nosuku oluwumnqamula-juqu. Uma ungenasiqiniseko ngezilimi ezivame ukukhulunywa edolobheni noma esifundazweni sangakini, singakusiza. Ithimba lethu lizophendula izicelo zekhotheshini ingakapheli imizuzu emihlanu ngezikhathi zokusebenza.

Amaklayenti

B4 Green Oaks, 13 St Quintons Rd, Oranjezicht, Cape Town, 8001 | Mon - Fri | 07:30 - 17:00
Copyright © 2013 - 2025 iiTranslation (Pty) Ltd. All rights reserved.

Silandele ezinkundleni zokuxhumana: